Saturday, May 17, 2008

INGABE KUSAWUKUJABULA NOMA IHABA!!

Inkosi impela makuthiwa kukhona into okuthiwa ihaba, ilento ebiyenzeka ngolwesihlanu, phela lo wokuphela kwama lecturer.
ukuba nganga zi inkosi impela ukuthi kanti ebush kuhlanywa kanje, ngangizozihlalela le kwaZulu ngizifunele okungamatohwana. Phela izolo bengathi usuku lokugcina lomhlaba, ngithe ngizihambela ngiziyela enkonzweni ntambama nje, hlangayiyane namantombazanyane "amaxhosa" abeseshilo " uxolo bhuti awsemhle, uya ngasecaweni yini?' phela ke mina angizange ngicatshulwe isimaku ngasho ngokukhulu ukuziqhenya ngathi 'esstshuzi me, angiyi ecaweni ngiya esontweni' ukusho kwami lokho mantombazane lokhu kwahleka kwaze kwalala phansi, ngiyabona ukuthi ilamanzi emvana ebebewaphethe, phela ngisho 'isavana', inkosi impela uPilatu waziwasha kancane izandla, mina ngiziwasha nge lux. Ukubuya kwami enkonzweni ngizithela kwamanye futhi amantombazane, oo nkosi yami nalawa angamaxhosa, ngiyabona futhi ngiyaqonda ukuthi inkinga inami namantombazane amaxhosa, wona ke angitshela ukuthi asiye e barn siyo celebrate, ngivela ngazibonela nje ukuthi lawa asangene. Noma sengifuna ukulala ngala kamakhelwane akulelwe kugcwele amantombazane akakabalasi ungathi adayisa ngemshanelo, khona manjalo amanye ngaphesheya nje kwala ngakhe khona athenge amakesi, yini konje lokhu? ohho amastorm kanye nama amstel, mina ngicabanga ukuthi ayophekisa some where kanti ayozivalela endlini avule umcimbi kuze kuse emnyango, okungixakayo amanye alamantombazane ahlale engingqongqothela uma esexakekile esezofuna imali, ngabe lemali bayebekele ukuthi uma sebelambile futhi, ngoba phela basazolamba bathenge lawo magiyispi phela esontweni labo ebarn. Kungakapholi maseko omunye nje walapha endaweni engihlala kuyona ngimdlula ubhizi ubraya ngezincwadi, uthi unyaka usuphelile, singabuye sithini lokhu okungamashangane aybo, ngiqonde amakhaladi anamakhanda angasile kabi, ikakhulukazi amzntombazane akhona, uzoke ukufice kutebhisile ungathi umfana, kumise ikepisi kwalibhekisa ngasemva, uxakeke uphinde uzibuze ukuthi ingabe lokhu kuzalwa umuntu yini, abanye awubatholi ukuthi bayinhloboni kapende ngisho ngoba kusuka ngomsombuluko kwakubhizi kubrayana nenyama, cha ayi ngoba ngiyihalela ukuthi angithandi lento yokubrayana nenyama. elami lilodwa isiyobonana estudy hall nasephepheni................................hhayi impela bekuyihaba langempela leli emantombazaneni izolo