Friday, May 23, 2008

UKUBA MNYAMA AKUSHO UKUTHI NOMQONDO UMNYAMA BAKWETHU!


Uyabona makuthiwa kukhona abantu abanemiqondo emincane, ilaba abamhlophe inbkosi impela, ngiyabona uma umnyama futhi uvela kakhulukazi kaZulu bacabanga ukuthi winkawu njengabo, ngisho phela ngoba uma uvela e KZN abakhohliwe uyingane kaZuma. Sekukaningi mangithi ngingumzulu kubantu bathi shuthi igama lami ngumshini wami, okufike kuxake uZuma lo abangamfuni kanje usenhlanhleni yokuthi aphathe wona lamashangane ndini. Phela uMsholozi uMfoka Nxamalala insizwa ezinsizweni, welusa loyamfana, washawa, wadlala izinduku. waya ngisho emfuleni eyoshela njengezinsizwa zonke, ukukhombisayo ukuthi uyabazi ubunzima, unganaki nje indaba yeshawa, into yamanje nje leyo, uZuma yena lo abangamfuni nje wenza eziningi izinto, wabandakanyeka emzabalazweni eminingi kuze leli zwe lona leli eligcwele amashayina likhululeke. Eqinisweni ukuba mnyama akusho ukuthi nomqondo wakho umnyama, ukuthi umnyama noma ubomvu ekugcineni siyafana phansi kwenyama, noma umnyama uyaba isikhulu ukhulume ujoji. ukuba mnyama kuyimvelo enhle kabi, uyazi ngingakakhohlwa nje uma umnyama uya elangeni uhlala umnyama noma usufile uyobe umnyama kodwa labs abagcwele ubunkawu ungathi bafunda "ebush' bona mhla bezalwa bayebabepink uma bekhula athi ukuba orange uma beya elangeni bababomvu ungathi isikhwebu sambila esivuthayo kanti uma esefile babaluhlaza ingathi imamba. Ayi mangiyeke kungaze kuthiwe seqalile ke, ukuthi angiyithandi lento abayishoyo.