Tuesday, June 10, 2008

woza maholidi siyemakhaya!

"woza maholodi zivalwe izikole" lawa ngamazwi ashiwo ngabafundi kulesikhathi, ikakhulakazi njengoba sekubanda nakangaka ngala eKappa. Ezinsukwini ezingeningi inyoka izobona umgodi wayo, amabombo abhekiswe emakhaya, ngisho phela iningi leli eliliqhamukisa kulolonke lelei elifunda ebush kanye nase cput. phela iskhathi samaholidi lesi isikhathi sokuphumula, uhlale nomndeni wakho niphuze itiye kube mnandi kube njeya, sibe singayilibale eyokubuya, phela le eyisicefe, kodwa impela sesithi nje woza maholodi woza........!